
INkantolo yeSifunda eVryheid igwebe indoda eneminyaka engu-29 ubudala udilikajele ngecala lokudlwengula umshana wayo oneminyaka engu-6 ubudala KwaJojwana, ePaulpietersburg ngo-August 2023.
Isisulu sasihlala nomama waso nomfowaso egcekeni elilodwa nommangalewa kanti isisulu nomfowaso babevame ukuyobuka ithelevishini endlini kammangalelwa.
Ngomahlaka-31 August 2023 isisulu nomfowaso babebuka ithelevishini endlini kammangalelwa , umama wabo esendlini yakhe.
Ummangalelwa watshela umfowabo wesisulu ukuthi akahambe ayozivivinya nabanye adlala nabo umculo wesintu. Umfowabo wesisulu waqala wanqaba ngoba ebona sekuhlwile.
OLUNYE UDABA: Umdlwenguli odlulise isinqumo wenyuselwe isigwebo
Ummangalelwa wamnxenxa ethi umphathi womculo uzomthethisa uma engayanga. Wagcina ehamba umfana washiya udadewabo nommangalelwa.
Ummangalelwa wabhozomela isisulu wasikhumula naye wakhumula wamdlwengula wase emsabisa ngokuthi uzombulala uma eke wayikhuluma indaba. Wamkhombisa nommese athi uzomnquma ngawo.
Isisulu saphindela endlini kumama waso wamfica elele wasaba ukumtshela okwakwenzekile. Ngosuku olulandelayo umama wesisulu wathola udaba ngesikhathi emgeza kwabikelwa amaphoyisa kwaboshwa ummangalelwa.
UMshushisi uDibi Symington ubize unina wesisulu njengofakazi owabikelwa kuqala udaba. Isisulu nomfowabo bafakaza ngokohlelo kwezingane lokwethula ubufakazi.
UMshushisi uNkosikazi Symington wethule izitatimende zesisulu nonina abazibhale beluswe wuBhekithemba Hopewell Sithole oyi-Court Preparation Officer.
Unina wesisulu uthe ummangalelwa uwumfowabo futhi ubethembe ukuthi uzoba wumvikeli wengane. Uthe isisulu sihlala sibuye sibuyelwe yisithombe sesigameko. Uthe indodakazi yaso sihlala sihlekwa ezinye izingane.
Ummangalelwa ugwetshwe udilikajele futhi kwathiwa ngeke esaba nemvume yokuphatha isibhamu. Inkantolo inqume ukuthi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
Isigwebo siveza indlela amacala ocansi asukunyelwa phezulu ngayo. Sizimisele ukulwela abagilwa abayizingane bathole ubulungiswa. Sincoma abashushisi ababeke amaphuzu aholele ekutheni ummangalelwa agwetshwe udilikajele.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
