
Bonke abasolwa ngokubulala u-DJ wakuleli u-Oupa John Sefoka, obedume ngelika-DJ Sumbody bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra namuhla.
Izinkabi ezintathu nosolwa ngokuba ngungqondongqondo kuleli cala babhekene namacala amathathu okubulala, la macala abala ukubulawa kukaDJ Sumbody nonogada ababili uSibusiso Mokoena noSandile Myeza.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abantu abane ngokubulawa kuka-DJ Sumbody
USefoka wabulawa ngentululwane yezinhlamvu ngoNovember 2022.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
