
Icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa liyaqhubeka namuhla eNkantolo eNkulu yasePretoria ngemuva kokuhlehliswa isikhathi eside.
Ukuqulwa kwecala kuyaqhubeka kanti umphenyi oholayo kuleli cala uBongani Gininda ubuyela ebhokisini lofakazi.
OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo owayenguSomlomo wePhalamende
Ukuphekwa ngemibuzo kukaGininda kwaphazamiseka ngoFebruary ngemuva kokuba ummeli kammangalelwa, uCharles Mnisi, osanda kuthatha izintambo zokumela ummangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya, ecele ukwengezelelwa isikhathi sokuzilungiselela.
Kubufakazi bakhe kuze kube manje, uGininda usola ukuthi uKelly Khumalo owayeyintombi kaMeyiwa ngaleso sikhathi, wayengungqondongqondo ekubulaweni kwalesi sihlabani sebhola lezinyawo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
