Kushone umfundi okusolwa ukuthi udle ama-snacks athengwe emgwaqeni

Kushone umfundi waseMahikeng, eNorth West, okusolakala ukuthi udle ama-chips awathenge ngabadayisi basemgwaqweni ngoLwesihlanu olwedlule.

Kuthiwa amantombazane amabili, okuyizelamani, aphakathi kweminyaka engu-8 no-10 ubudala, athenge ama-snacks komunye wabadayisa eduzane nesikole eRamosadi Village.

Ngemuva kwalokho bakhala ngokulunywa yizisu ngesikhathi befika esikoleni.

OLUNYE UDABA: Kuvele ukuthi awohlobo lwama-Stylos amachips agulise ingane

Umndeni usola isikole ngokungalutholi usizo ngokushesha.

Elinye lamalungu omndeni, elingeke lidalulwe ukuvikela ingane, lithi, “Sisenemibuzo esingakwazi ukuyiphendula ngoba manje izingane ziyagula. Omunye ushonile, omunye use-ICU.”

“Ibhodi elingamele isikole noma abaphathi besikole ngisho nothishanhloko imbala abazange benze imizamo, mhlawumbe lo oshonile ubengeke adlule emhlabeni ukube bebefonele i-ambulensi.Sabanikeza izinombolo zocingo ezintathu kodwa abazange basishayele ukusitshela ukuthi izingane ziyagula. Ngakho, ukube bekungesiye lo mzali, ngabe izingane zishone zombili.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)EditEditEdit

One thought on “Kushone umfundi okusolwa ukuthi udle ama-snacks athengwe emgwaqeni

  1. **mitolyn official**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *