
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uVelenkosini Hlabisa, usefunge wagomela ngokuthi uzozithathela izipaza ezingabhalisiwe izinyathelo ngemuva kokuba kugule umfana oneminyaka eyisishiyagalombili ubudala waseMapetla, eSoweto, okusolwa ukuthi udle ma-snacks ‘amadala’.
UHlabisa ukhulume nabezindaba ngoLwesine ngesikhathi evakashele esibhedlela iChris Hani Baragwanath, lapho ingane ilashwa khona egunjini labagula kakhulu.
“Isinyathelo okumele sisithathe manje wukuqinisa uhlelo lokuthi zonke izipaza ezingabhalisanga ngesikhathi sokubhalisa, akumele zivulwe.
OLUNYE UDABA: Umndeni womfana oguliswe ukudla ama-snacks athengwa espaza uvule icala
“Sizoya lapha, eMapetla siyokhuluma nomphakathi ngoba kufanele kube umsebenzi wethu sonke.”
Isitolo lapho okusolwa ukuthi lo mfanyana uthenge kuso ama-snacks ohlobo lwama-Stylos sesivaliwe.
UNgqongqoshe uqinisekise ukuthi amasampula ama-snacks asethunyelwe elebhu ukuyohlolwa.
“Sijabulile ngokuthi kukhona amasampula ama-Stylos asehanjiwe elebhu ngoba lesi sigameko asiso esokuqala futhi sijatshuliswa nawukuthi inqubo isisezingeni laselebhu.
“Uma imiphumile isibuyile, sizosusa nanoma iyiphi inselelo ephathelene nama-snacks kodwa sizogxila kwi-organophosphate njengenselelo emiphakathini.”
Odokotela bakulesi sibhedlela nabo bazwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwesibalo kwabantu abazama ukuzibulala ahlobene nokuzibulala, amaningi awo ahilela ukungeniswa kwe-terbufos – isibulala-zinambuzane esinobuthi se-organophosphate.
UHlabisa uxwayise ngalo mkhuba, egqamisa impilo yengqondo kanye nengcindezi yenhlalo-mnotho enomthelela ezinqumweni ezifana nalezi.
“Noma ngabe yiziphi izinselelo zomndeni umuntu angase abhekane nazo, kunezikhungo ezelulekayo, ezeseka izinkinga zomndeni. Asisebenzise lezo zinsiza ngaphandle kokuzibulala.”
NgokweNewswatch, uHlabisa uthe ugculisekile ngosizo lwezempilo olutholwa yilo mfana esibhedlela.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
