
Iziphathimandla zaKwaZulu-Natal zixwayisa abashayeli ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo noma babhekane nengalo yomthetho ngePhasika.
Umkhankaso wezokuphepha walo nyaka usuphinde wagxila ekwandiseni ukubonakala kanye nomkhankaso wokulwa kwesivinini esiphezulu, ukushayela uphuze amponjwana, ukuphendula iselula ube ushayela kanye nokuhlola izimoto ukuthi zikulungele yini ukuba semgwaqweni.
OLUNYE UDABA: Babanjelwe inkonzo yesikhumbuzo abazalwane abadlule engozini yebhasi ku-N2
UNgqongqoshe wezokuThutha kulesi sifundazwe, uSiboniso Duma, wethule lo mkhankaso eMandeni.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
