
Kubanjwe inkonzo yesikhumbuzo yamalungu ayisishiyagalombili ebandla iTwelve Apostles Church in Trinity adlule engozini yebhasi eyenzeke ku-N2 phakathi kwaseMandeni naKwaDukuza enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Okhulumela uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, uNdabezinhle Sibiya uthi, kulandela izingxoxo nabaholi bebandla, kudingeka ukuba kulungiswe isibalo sabantu abadlule kule Ngozi.
USibiya uqhube wathi isibalo samalungu ebandla abandakanyeke kule ngozi singu-54.
Kulashwe abantu abangu-14 esibhedlela iGeneral Gizenga Mpanza kanti emtholampilo iSundumbili kulashwe abane. Ayisishiyagalombili amalungu asasesibhedlela namanje, kubalwa nabesifazane abahlanu kanti omunye wabo uzithwele, nezingane ezintathu.
OLUNYE UDABA: Kululekwe imindeni yabadlule engozini yebhasi eMandeni
“Sibe nesivumelwao nezimeya zomasipala, wakwaDukuza, eMandeni neLembe ukuthi kwethulwe uhlelo lwezomgwaqo lwamaholidi ephasika kulesi sifunda. Imininingwano izomenyezelwa maduze.
Okubaluleke kakhulu ukucacisa ukuthi imikhankaso yethu yezokuphepha emgwaqeni ngeke iphumelele ngaphandle kokuholwa ngabaholi bezenkolo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
