I-ActionSA kuphoqeleke ukuba ikhansele ukwethulwa kwegatsha lakuWard 25 namuhla

I-ActionSA ithathe isinqumo esinzima sokukhansela ukwethulwa kwegatsha okwakuhlelwe ukuthi lizokwethulwa kuWadi 25 eThekwini.

Lokhu kuza ngemuva kokuhlaselwa kwezishoshovu ze-Action SA namuhla ekuseni.

Kuqhume isibhamu amahlandla amaningi ngesikhathi sesigameko, ngenhlanhla isigilamkhuba saphucwa isibhamu.

Ngeshwa kulimale esinye sezishoshovu sathola amanxeba ngesikhathi kuqhubeka isigameko.

OLUNYE UDABA: UNdunankulu waseKZN unxusa i-ANC ne-IFP ukuba babuyisane

Ngenxa yobucayi besigameko kanye nentshisekelo yokuqinisekisa ukuphepha kwamalungu nezishoshovu, okuhlanganisa noMengameli weqembu uHerman Mashaba, kuthathwe isinqumo esinzima sokukhansela ukwethulwa kwegatsha

Lesi sigameko siyisikhumbuzo somlando wokungabekezelelani kwezepolitiki KwaZulu-Natal.

Kuwukwephulwa ngqo kwamalungelo abantu baseNingizimu Afrika okusekela iqembu lezepolitiki ngokukhululeka abazikhethele bona ngaphandle kokwesaba, ukwesatshiswa noma udlame.

Njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya lwangonyaka ka-2026, sinxusa wonke amaqembu ezepolitiki kanye namalungu abo ukuze akhuthaze isimo senhlonipho nokubekezelelana, kusho isitatimende se-Action SA.

I-Action SA ithi kuyihlazo ukuthi emzamweni wabo wokuthuthukisa izimpilo zabantu abajwayelekile baseNingizimu Afrika, sebezithole behlaselwa ngokuxhumana nemiphakathi.

I-ActionSA isivule icala lobugebengu esiteshini samaphoyisa eSydenham.

Umsolwa naboshwe nabo kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoLwesibili, ngomhlaka-17 June 2025.

Ngokwesitatimende i-ActionSA ithi izobe ikhona enkantolo ukuyophikisa noma yisiphi isicelo sebheyili.

“Sincoma kakhulu abalandeli nezishoshovu zethu ngobuqhawe babo nangokucabanga okusheshayo, okuyikho okusizile ukuvimbela okunye ukulimala obekusangenzeka.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)