Uhlelo Uthando Nes’thembu luqokwe kumaSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards

UMusa Mseleku odume ngesithembu ukuncomile ukuqokwa kohlelo lwakhe Uthando Nes’thembu waphinde wabonga umndeni wakhe ngokuqokwa.

Le ndoda eneminyaka engu-50 ubudala enesithembu yaseMzumbe ogwini oluseningizimu, KwaZulu-Natal, ibona sengathi umndeni wayo ufanelwe wukuqokwa kanti futhi ibona sengathi bathathe isikhathi eside.

UMseleku uthe akacabangi ukuthi kungaba khona Uthando Nes’thembu ngaphandle komndeni wakhe.

Uhlelo lwabo olukhombisa ngempilo yabo, Uthando Nes’Thembu, luqokwe kumaSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards.

OLUNYE UDABA: Kuphambene imibono ngesiqephu sakamuva se-Isencane Lengane

UThando Nes’Thembu Season 8 luqhudelana neReal Housewives of Durban season 4 kanye ne-Icala season 2.

UMseleku utshele abeDaily Sun ukuthi umndeni uyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi osuwenzile.

“Uthando Nes’Thembu seludidiyelwe yizinkampani ezahlukene, ebezinomsebenzi wokuludlulisela uhlelo ukuze luqokwe, ngicabanga ukuthi singabonga iThanx Ma Production ngokuhambisa yonke imininingwane edingekayo ukuze lukwazi ukuqokwa,” usho kanje.

Uthando Nes’Thembu wuhlelo olwaqala ngo-2017 kuMzansi Magic kanti lukhuluma ngempilo yesithembu sikaMseleku futhi belukhombisa uMzansi okwenzeka ngaphakathi esithenjini sakhe.

Uhlelo lwakhe lusanda kuphela kanti luphele ku-season 8. Ukuphela kwalo kushiye abaningi besalangazelela ezinye iziqephu befuna ukubona ngesimo sakhe kulandela ukuxinwa yisifo sohlangothi, ukwethula unkosikazi wesihlanu, uSamke Khwela namanye amakhosikazi uMbali “Mangwabe” Mseleku noNokukhanya “Mayeni” Mseleku besabisa ngokushiya.

UMseleku ebuzwa ngokuthi uhlelo lusazobuye lubonakale kumabonakude uphendule ngokuthi kuncike kuMzansi Magic, njengoba kuyibo abanelungelo lokuxoxa ngezinhlelo zabo zakusasa.

“Sizozwa ngabo.”

Daily Sun

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)