
INational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) yamukele umbiko wesikhashana weSpecial Investigating Unit (SIU) omayelana nokukhwabaniswa kwamathenda nenkohlakalo esibhedlela iTembisa.
Lo mbiko udalule ukuphangwa kwezinsiza zombuso ezibalelwa ku-R2 billion ngenkohlakalo, ukukhwabanisa, ukungaphathi ngendlela isibhedlela nokukhwabaniswa kwamathenda.
ULwazi Nkolonzo, okhulumela iNehawu kuzwelonke, uthe lezi zimali bezingasiza abasebenzi bezempilo ngesikhathi se-COVID-19 ngokuhlinzeka ngezinsiza ezibalulekile.
OLUNYE UDABA: I-SIU ithole ukuthi kudonswe u2bn esibhedlela iTembisa
UNkolonzi uthi, “Akukhona eTembisa kuphela, kodwa nakuyo yonke iminyango. Uma ngempela kungase kwenzeke uphenyo olunzulu, kungavela ukuthi lokhu kuveza ubuthaka ekuphathweni kwezimali, ukuthi akukho ukuphathwa ngendlela kwezimali.
“Azikho izinhlelo ezikhona zokuqinisekisa ukuthi inkohlakalo enjalo ayenzeki. Akwamukelekile neze ukuthi cishe u-R2 billion ungaphangwa esikhathini esifushane kanje, esifana nalesi.”
