
Umholi we-EFF, uJulius Malema, usecele ukuba kube nobumbano kulo lonke izwekazi lase-Afrika njengoba kuqhubeka imibhikisho elwa nabantu bakwamanye amazwe abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho.
UMalema uthe i-Afrika ayinalo ikusasa ngaphandle kobumbano waphinde wagcizelela nokuthi udlame olubhekiswe kwabokufika abasezweni ngokungemthetho alwamukelekile.
OLUNYE UDABA: UMalema: kutshengisa inzondo nokucwasa ukuhlaselwa kwabokufika ezweni
Lokhu kuza ngemuva kokuba amaqembu afana neMarch and March enikeze uhulumeni umnqamlajuqu womhlaka-30 June 2026 ukuba athathe izinyathelo ngokungena kwabantu ezweni ngokungemthetho.
La maqembu aphinde afuna bonke abantu bokufika abangekho emthethweni baphume eNingizimu Afrika ngaphambi kwalolo suku.
