
Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, uthi izenzo zokulwa nabokufika eNingizimu Afrika ziyisibonakaliso senzondo noma ukucwasa abantu base-Afrika
Ekhuluma nabezindaba eGoli, uMalema uthe lokhu kudalwa umlando wobandlululo nowokwehlukanisa amazwe ase-Afrika. Uthe abantu base-Afrika bafundiswa ukubonana njengabantu abangafani ukuze kuhlukaniswe izwekazi.
OLUNYE UDABA: IMarch and March ithi ikulungele ukuvala izwe
Lokhu kuza ngesikhathi kuneziteleka KwaZulu-Natal, eGoli naseFree State, lapho imiphakathi ikhala ngokungasebenzi kahle kukahulumeni, ukuswelakala kwemisebenzi kanye nabokufika abangekho emthethweni.
UMalema uthe izinkinga zokungalingani, ububha nokwehluleka kukahulumeni yizo okufanele zilungiswe, hhayi ukusolwa kwabanye abantu base-Afrika.
