
Inhlangano engenzi nzuzo ezinze eMgungundlovu ithi izibalo zokudlwengulwa eNingizimu Afrika azikhombisi ukuthi isimo singakanani njengoba amacala amaningi esaqhubeka nokungabikwa.
“Njengoba sazi ukuthi baningi abantu abadlwengulwayo abangazibiki izigameko, futhi siyazi ukuthi uma kuza ezinganeni, aziwabiki ngokushesha amacala.
UMqondisi we-Lifeline and Rape Crisis Centre uSinikiwe Biyela uthe:”Kwesinye isikhathi la macala ziwabika sekuphele unyaka, kwesinye isikhathi sekuphele iminyaka emibili. Ngakho-ke njengeLifeline eMgungundlovu sikholwawukuthi inkinga inkulu kakhulu kunaleyo eyethulwe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa.”
OLUNYE UDABA:#JusticeforCwecwe: I-MK ifuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa esule esikhundleni sakhe ngokudukisa abantu
UBiyela ubephawula ngezinsolo zokudlwengulwa kwengane eneminyaka eyisikhombisa esikoleni efunda kuso eMatatiele e-Eastern Cape.
Icala lango-October selisuse umsindo kuzwelonke njengoba kunemibhikisho ngaphansi kwenhlangano ethi #JusticeForCwecwe.
Ngesonto eledlule uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu udalule ukuthi bangu-259 abantu abasolwa ngokudlwengula ababoshwe ngesonto elilodwa kanti abangu-95 kubo baboshwa KwaZulu-Natal.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
