
Iqembu loMkhonto weSizwe (MK Party) ligcwele intukuthelo mayelana nezindaba ezishaqisayo ezidalulwe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, okudukisa abantu bakuleli ngecala lokudlwengulwa kukaCwecwe oneminyaka eyisikhombisa ubudala.
Kwisithangami sabezindaba sangomhlaka-4 April 2025, uNgqongqoshe uMchunu wathi amasampula olibofuzo kathishanhloko wesikole nabanye abantu abathinteka kuleli cala aseqoqiwe. Lesi tatimende
besihlose ukuthulisa intukuthelo nolaka olusabalele emphakathini, kodwa iqiniso selivelile: Awekho amasampula olibofuzo lukathishanhloko asetholiwe. Empeleni uMnz Pieterse wanqaba ukubambisana naye kodwa ngemuva kwengcindezi yomphakathi wawahambisa amasampula akhe olibofuzo
Lokhu kukhohlisa akukhona ukugeja kodwa kuwukukhaphela ithemba labantu baseNingizimu
Afrika abalibeka ezikhungweni zethu, ikakhulukazi ezimweni ezithinta labo abasengozini, ikakhulukazi
umphakathi wethu: abesifazane nezingane zethu.
OLUNYE UDABA: #JusticeforCwecwe: Ungqongqoshe wamaphoyisa ucacisa ngezitatimende kulolu daba
ILungu lePhalamende le-MK, uMhlonishwa. U-Visvin Reddy, namuhla ubeke etafuleni umbuzo
efuna uNgqpongqoshe adalule ngokugcwele. UMhlonishwa uReddy ucele ukuba uNgqongqoshe esule ngokushesha esikhundlni sakhe ngokudukisa isizwe nokuthinta kabi uphenyo olubandakanya ingane yentombazane eneminyaka engu-7 ubudala eyadlwengulwa.
I-MK esitatimendeni ithe ifuna ukukhumbuza uNgqongqoshe ukuthi wenza isifungo ethatha lesi sikhundla, ngeshwa ke usephulile leso sifungo. Abesifazane nezingane baseNingizimu Afrika bafanelwe okungcono kunongqongqoshe ongenalo iqiniso futhi ongakwazi ukubavikela uma bemudinga ezikhathini ezifana nalesi. Asingakhohlwa nokuthi kusenguye lo ngqongqoshe owagodla imininingwane odabeni lwasePhala Phala olubandakanya uMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa ngenhloso yokuvikela ubugebengu bakhe.
UNgqongqoshe uSenzo Mchunu akahambe!
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit
