
Ophenyweni oluqhubekayo mayelana nentombazane eneminyaka eyisikhombisa ubudala okusolwa ukuthi yadlwengulwa emagcekelo esikole sase-Eastern Cape, uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika luthe ucwaningo lolibofuzo olwadingidwa kwisithangami sabezindaba sikaNgqongqoshe uSenzo Mchunu ngoLwesihlanu, luthinta isisulu sokudlwengulwa kuphela hhayiomunye umuntu kubasolwa.
Okhulumela uMnyango, uKamogelo Mogotsi, ephendula ngezinsolo ezisezinkundleni zokuxhumana, uchaze wathi uMchunu akazange aveze ukuthi kuthathwe ulibofuzo lukathishanhloko waseBergview College kodwa ngombiko wokuqala awutholile, wathi ungomunye wabasolwa.
“Uphinde wathi ulibofuzo lwenziwa ngaphandle kokunikeza imininingwane – lezi zivivinyo bezimayelana nengane,” kuqhuba uMogotsi.
OLUNYE UDABA: “Sikhulu isibalo sabantu ababoshelwe awokudlwengula eKZN kuleli sonto”
“UNgqongqoshe wenze isithangami esibanzi ngoLwesihlanu, ukuze enze isizwe sibenokuzethemba ngophenyo, lapho eveze khona ukuthi kuhlonzwe abantu abathathu abathintekayo, kwathathwa amasampula abo ukuze kuhlaziywe ulibofuzo. UMajor-General ujutshwe ukuqinisekisa ukuthi uphenyo olunzulu lusebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi bonke ubufakazi obubalulekile bubhekisiswa kahle,” esho.
Abasebenzisa izinkundla zokuxhumana babize uMchunu ngokuthi ‘ungumqambimanga’, bethi akakhulumanga iqiniso ngesikhathi kuqhubeka isithangami mayelana namasampula olibofuzo olwathathwa.
Le ntombazanyana eyaziwa ngelika “Cwecwe” yadlwengulwa ngo-October ngonyaka ophelile.
Ngokusho kwamaphoyisa, icala lavulwa ngomhlaka-16 October 2024 ngemuva kokuba le ntombazanyana isihlolwe ngudokotela.
Amaphoyisa aveze ukuthi ngokususela kulokho okwakuqukethwe yidokodo ngaleso sikhathi, uMshushisi Omkhulu woMbuso wenqabile ukushushisa, eveza ukuthi abukho ubufakazi obanele njengesizathu okuyinto eyenzeka ngoNovemba 2024.
UMchunu ukuqinisekisile ukuthi udaba seludluliselwe ophikweni olubhekele i-Family Violence, Child Protection, and Sexual Offences Unit (FCS) kanti uphenyo lusaqhubeka.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
