“Ukuhlolelwa amacala ahlobene nawocansi kothisha kumele kube yinto eyenziwayo”

IChildline KZN ithi iyaseseka isiphakamiso sokuthi kuhlolwe izwe lonke ukuze kubhekwe ukuthi amagama othisha nezikhulu zezemfundo ayavela yini ohlwini lwabahlukumeza ngokocansi.

IBuild One SA ikhiphe lesi sinqumo kulandela izinsolo zokudlwengulwa kwentombazane eneminyaka eyisikhombisa ubudala okusolwa ukuthi yadlwengulwa esikoleni esifunda kuso eMatatiele.

Leli cala lisuse umsindo kuzwelonke kwanemibhikisho emadolobheni amaningi.

OLUNYE UDABA: #JusticeforCwecwe | Ungqongqoshe wamaphoyisa ucacisa ngezitatimende kulolu daba

U-Adeshni Naicker weChildline ukholelwa ukuthi lokhu kuyisinyathelo esihle.

“Lolu hlelo lokuhlola luzosiza ukuqinisekisa ukuthi abantu abanezinhloso ezilimazayo noma abanamacala adlule abakwazi ukufinyelela ezinganeni.

“Lokhu kuzosisiza ukuthi sakhe indawo ephephile nethembekile hhayi kubafundi kuphela kodwa nothisha nabazali.”

UNaicker uthi ukuhlungwa akumele kube wumsebenzi owenziwa kanye.

“ Kunganconywa ukuthi ukuhlolwa kube yinto eyenziwa njalo kungabi yinto eyenziwa kanye.

“Lokhu kuzosiza ukuqiniseka ukuthi abantu okungenzeka ukuthi bake bagwetshwa ngaphambilini kodwa benze amacala kamuva bangaphinde baboshwe.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

One thought on ““Ukuhlolelwa amacala ahlobene nawocansi kothisha kumele kube yinto eyenziwayo”

  1. **mitolyn official**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *