
Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha ushayasibhamu obandakanyeka esigamekweni sokudubula nokubulala inqwaba yabantu endaweni yokucima ukoma eSundumbili ogwini olusenyakatho ye-KZN.
Kusolwa ukuthi indoda eneminyaka engu-44 ubudala ebihamba nomngani wayo belibangise endaweni yokuphuza utshwala ngoLwesine ebusuku ngesikhathi kuqhamuka umuntu eyidubula yashona.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe iphoyisa nomabhalane ngelenkohlakalo eThekwini
Amaphoyisa athi umsolwa ube esengena ethaveni wafike wavulela ngenganono ebhekise kubathengi abane.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uPaul Magwaza, uthe umsolwa uphinde wabamba inkunzi.
“Amaphoyisa aseSundumbili avule icala elilodwa lokubulala, amane awokuzama ukubulala namabili okubamba inkuzi kuhlonyiwe.
“ Uphenyo lusaqhubeka kanti bekungakaboshwa muntu.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitt
