
Uqalile umcimbi wezinsuku ezintathu we-World Hydrography Day (WHD) 2026 eThekwini.
Lo mcimbi oqale namuhla uzophethwa ngeSonto lwangomhlaka-21 June 2026.
I-World Hydography Day, eyasungulwa yi-International Hydrographic Organisation, igujwa minyaka yonke ukuze kuqwashiswe ngokubaluleka kwe-hydrography ekuqinisekiseni ukuhamba okuphephile, ukuvikela imvelo yolwandle, ukusekela ukuphepha kolwandle, kanye nokwenza kube lula ukuthuthukiswa kolwandle.
I-Hydography idlala indima ebalulekile ekuhwebeni komhlaba wonke, ocwaningweni lwesayensi, kanye nokusetshenziswa okusimeme kwezinsiza zasolwandle.
Lo mcimbi, osukwini lwayo lokuqala usingathe izikole ezahlukene zaseThekwini uzifundisa kabanzi ngokubaluleka kwalolu suku kanjalo namanzi esikoleni i-Maritime School of Excellence.
OLUNYE UDABA: Kwethulwe isikhungo esisha sokuthuthukisa intsha KwaMashu
Kube sekudlulelwa emtateni e-N Shed lapho bekunemibukiso yezinkampani ezahlukene, ebezichazela abantu abasha ngemisebenzi eyahlukene ngaphakathi emkhakheni we-Maritime.
USamkele Mlambo onguthisha we-Maritime Economics, eMaritime School of Excellence uthi lolu suku lube luhle kakhulu njengoba abafundi bekwazile ukuthola ulwazi olusha ngomhlaba wasemanzini kanti uthisha uZama Makhathini ofundisa iMaritime Economics, eZwelibanzi High School, yena uthe abafundi bafunde lukhulu namuhla futhi sekubenze babona ukuthi maningi amathuba emisebenzi akhona kwi-maritime.
UNomthandazi Makhanya ongumfundi waseSibusisiwe Comprehensive Technical High School, eMbumbulu, uthi kuningi akufundile osukwini lwanamuhla futhi useyazi ukuthi uma eqeda umatikuletsheni uzofundelani.
IZITHOMBE:

















