Kugqame olwamaBhunu emhlanganweni kaRamaphosa noTrump

UMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa noMengameli waseMelika uDonald Trump babenomhlangano eWhite House eWashington DC ngemizamo yokuvuselela ubudlelwano phakathi kwamazwe amabili i-United States neNingizimu Afrika.

“Mayelana nalokhu, lolu hambo belugxile ikakhulukazi ekulungiseni kabusha ubudlelwano bamazwe amabili, ezomnotho nezohwebo,” kusho ihhovisi likaMengameli.

UMengameli ubekhashwe yizingqalabutho zegalofu u-Ernie Els noRetief Goosn kanjalo nesiqumama saseNingizimu Afrika uJohann Rupert noNgqongqoshe bakuleli okubalwa kubo uRonald Lamola uNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana, uNgqongqoshe Wezolimo uJohn Steenhuisen kanye noMengameli weCongress of South African Trade Unions uZingiswa Losi.

Lo mhlangano uqale kahle lapho bobabili oMengameli uRamaphosa noTrump bevumelana ngokuthi kumele iphele impi yase-Ukraine. UTrump esho ukuthi isimo asisihle noRamaphosa naye esho ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bafunda “ngokuthula noxolo” kuNelson Mandela, futhi bafuna ukufundisa ngakho amanye amazwe emhlabeni jikelele.

OLUNYE UDABA: URamaphosa uzobonana noTrump ngoLwesithathu ehambisana nongqongqoshe bakuleli

Umhlangano uqhubekile, uTrump wabe esephosa umbuzo wokubulawa kwabamhlophe eNingizimu Afrika waze wadlala nevideo etshengisa uJulius Malema ethi makubulawe amaBhunu, eculo iculo ‘Kill the Boer’. Kuthe kusenjalo waphinde wahosha enye ivideo eveza amathuna abantu abamhlophe. Amehlo esathe njo kuvideo wadonsa umqulu wamaphepha anezithombe zabantu athi basanda kubulawa.

Eziphendulela uRamaphosa ngabo bonke ubufakazi bukaTrump, uthe iNingizimu Afrika yizwe lentando yeNingi elivumela ukuthi abantu bakhulume ngokukhululeka.

URamaphosa uthe kunobugebengu obuningi ezweni laseNingizimu Afrika, futhi akubulawa abantu abamhlophe kuphela nabamnyama bayabulawa.

OLUNYE UDABA: UMalema ubuza ukuthi kungani amalungu e-AfriForum engakayi eMelika

Uphinde athi inkulumo nezenzo zikaMalema aziwona umgomo kahulumeni.

Ube esekhumbuza ukuthi, uMalema ungumholi weqembu eliphikisayo i-Economic Freedom Fighters (EFF) futhi alisiyo ingxenye yomfelandawonye olawulayo. gnu

URamaphosa uyayigxeka inkulumo esetshenziswe kuvidiyo ekhonjiswe eHhovisi le-Oval.

UMengameli wakuleli uke wazama nokushintsha inkulumo, efuna igxile kwezohwebo, ebala ubudlelwano bezobuchwepheshe phakathi kwe-US neNingizimu Afrika.

Wathi ufuna ukuhlala phansi kuxoxwe kahle ngasese, kude nabezindaba ngenhloso yokuthola imiphumela emihle ngohamo lwakhe.Kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, udaba lwabuyela kolwamaBhunu.

OLUNYE UDABA: Agcwele esikhumulweni sezindiza amaBhunu alibangise eMelika esuka kuleli

Kube sekuphawula ongqongqoshe nezinye izikhulu ebezifike noRamaphosa kulo mhlangano, zisho ukuthi akubona abalimi abamhlophe kuphela ababhekene nodlame eNingizimu Afrika kodwa nezinye izinhlanga ezahlukene. Babalula nokuthi abantu besifazane abancane nabadala bebala elimnyama bayahlukunyezwa ngokocansi.

IZITHOMBE:

IZITHOMBE: REUT, EPA, REUTERS

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *