Kuxwayiswa ngemvula enamandla nokudumu kwezulu eKZN

Amaqembu abhekelele izinhlekelele asiqaphle isimo ngemuva kokuba ihhovisi lesimo sezulu likhiphe isexwayiso sokuduma kwezulu KwaZulu-Natal namuhla.

Izibikezelo zezulu zithi kulindeleke imvula enamandla ngaphansi kwesexwayiso sika-Level 4.

Kunxuswa ukuba izakhamuzi ziqaphele ezindaweni  okubalwa kuzo Itheku, Abaqulusi, Newcastle, uThukela, uMlalazi, uMhlathuze, Nongoma nasoLundi.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuduma kwezulu okunamandla KwaZulu-Natal

“Izakhamizi zakulezi zindawo ziyanxuswa ukuthi zikugweme ukuwela imifula edla lubi noma uma uvaleleke emotweni ngesikhathi kunezikhukhula, phuma kuleyo moto uyishiye kanjalo, ubalekele endaweni ephakeme.

“Ezindaweni zasemakhaya, sicela uhambise imfuyo endaweni ephephile nephakeme,” kusho okhulumela iCogta eKZN, uSenzo Mzila.

Uthi amathimba abhekelele izinhlekelele asiqaphe ngeso lokhozi isimo sezulu kuso sonke isifundazwe.

Khonamanjalo iSouth African Weather Service yengeze ngokuthi kulindeleke ukuba kubemakhaza kuphinde kunethe ezindaweni ezisenkabeni nasentshonalanga yeKZN namuhla nakusasa.

Kuzomakhaza kakhulu ezindaweni eziphakeme eziseningizimu-ntshonalanga okungenzeka kube nokukhithika.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *