UNgqongqoshe uRodgers ubuyisele isithunzi kowaseNdwedwe

Kubeyinjabulo yodwa eNdwedwe kumasipala wesiFunda iLembe lapho uNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uFrancois Rodgers, enikeze ikhehla lendawo, uSipho Xaba umuzi osanda kwakhiwa.

UNgqongqoshe uRodgers ubenomphakathi, uNdunankulu uThami Ntuli, abanye oNgqongqoshe kanye nezikhulu eziphezulu kuHulumeni Wobumbano Lwezifundazwe (Government of Provincial Unity -GPU) we-Operation Sukuma Sakhe.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni waseKZN uthole indawo yokwakha izindlu zemindeni eyakhahlanyezwa yizikhukhula

“Bekubalulekile kuthina ukuthi siqale usuku ngokuzwa okuvela emphakathini siphinde sinike ithemba nesithunzi uMnu Xaba. Kungumbono wethu ukukhombisa ukuzinikela ekuletheni izidingo zomphakathi,” kusho uNgqongqoshe.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)