Bamashele emahhovisi ezemfundo othisha abangasebenzi ePMB

Othisha abayitoho nabangasebenzi KwaZulu-Natal bamashele eMnyangweni wezeMfundo befuna ukuqashwa nokuqashwa ngokugcwele.

Leli qeqebana elihlanganisa othisha abaqeqeshiwe abathwele kanzima ngokungayitholi imisebenzi, limashele eMnyangweni wezeMfundo eMgungundlovu lihambisa incwadi echaza ngezimfuno zalo.

OLUNYE UDABA: Buka: Kubanjwe amamashi e#Justice4Cwecwe

“Sesikhathele ukuxhashazwa njengothisha betoho, sihola kancane ngaphandle kokuhlomula noma ukuvikeleka emsebenzini,” kusho uThembeka Mpanza ongomunye wabahleli bale mashi.

“Sikufanele ukuqashwa ngokugcwele, sifuna uMnyango wezeMfundo ulusukumele ngokushesha lolu daba,” kusho uMpanza.

Othisha abebegqoke imfaniswano yezemfundo bebephethe izingqwembe namabhodi ngesikhathi bemasha, behle ngoLangalibalele Street besho iziqubulo becula namaculo obumbano.

The Witness

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *