kuboshwe izinkulungwane zabantu ngamacala ahlukene ngoMarch

Babalelwa ku-12 000 abasolwa ngokuba yizigebengu abavalelwe ezitokisini ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wamaphoyisa KwaZulu-Natal ngoMashi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uRobert Netshiunda, uthe isibalo esiphezulu sababoshiwe yileso samacala okubalwa kuwo awokubulala, ukuzama nokubamba inkunzi, lapho kuboshwe khona abasolwa abangaphezu kuka-3 8000.

OLUNYE UDABA: Ugaxwe ozankosi obekhiqiza utshwala obungekho emthethweni eKZN

Uqhube wathi bangaphezu kuka-2 700 abantu ababoshelwe amacala ehlukene okushaya.

Khonamanjalo, kutholwe izibhamu ezingu-341 kanye nezinhlamvu ezingaphezu kuka-3 000.

“Emacaleni ahlobene nezidakamizwa kuboshwe abasolwa abangu-1 599 kwaphinde kwaboshwa abasolwa abangu-512 ngokushayela bephuze utshwala noma bedle izidakamizwa, kwathi abangu-41 baboshelwa ukushayela budedengu.

“Imisebenzi yokumisa nokusesha iholele ekutholakaleni kwezikhali eziyingozi ezingu-791 kanti ezingu-716 kuzo bekuyimimese.”

UNetshiunda uthi kuzonyuswa ukubonakala kwamaphoyisa emigwaqeni kule nyanga ikakhulukazi ngempelasonto yePhasika.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEdit