Kwethulwe umkhankaso wePhasika nobusika ozokhulisa umnotho

Masipala weTheku izolo wethule umkhankaso wawo wePhasika noBusika onesihloko esithi “Endless Fun Season”. Lo mkhankaso ubukhangisa ngezindawo ezikhangayo ezahlukene zaseThekwini, kusukela ezinxanxatheleni zezitolo ezisezingeni lomhlaba nezimakethe ezigqamile, izimpophoma ezikhangayo kanye nezamasiko nemicimbi ehlelelwe isizini.

IMeya yeTheku uCyril Xaba ikhuluma ithe inxanxathela yezitolo inesasasa elikhulu njengoba ibukeka sengathi isinesikhathi eside ivuliwe ekubeni inenyanga eyodwa. Le ndawo iphakathi kweTheku noMgungundlovu okuyintuthuko edle izindodla zamarandi kanti uma isiphelile izobe isidle u-50 billion wamarandi, iyi- mixed-use development lapho ozothola khona izindawo zokuhlala, ezokungcebeleka nezokudlela.

OLUNYE UDABA: I-KZN yethula umkhankaso wePhasika wezokuphepha emgwaqeni

“Le ndawo kulindeleke ukuba ithuthuke kakhulu njengaleyo ephakathi kweGoli nePitoli , iMidrand, izoletha amathuba amaningi emsebenzi ikhuphule nomnotho wangapha kanti okwethu ukufaka imali ukulungisa ingqalasizinda.

IMeya iqhube ngokuthi okunye wukuthi le ndawo izosiza ukulekelela isiminyaminya lapha endaweni esenyakatho neTheku njengoba usuchitha isikhathi esingaphezu kwehora ukufinyelela eMhlanga ngenxa yesiminyaminya sasekuseni nesantambama. Kodwa-ke uma sekuqala kubhekiswa intuthukutho nakuleli cala abantu bazoqala babuye ngapha, indlela ingavuthwa endaweni eyodwa kodwa ikwazi nokuya eningizimu nasentshonalanga yeTheku, yilezo izinhlelo zedolobha ephezu kwazo.

“Kwezokuphepha, sifuna ukukugcizelela ukuthi sizibophezele ekuletheni amaholidi ePhasika aphephile nakhumbulekayo eThekwini ngenxa yalesi sizathu, siphinde sakha uhlelo oludidiyelwe lwezokuphepha okubalwa ukubonakala kwamaphoyisa emehlweni abantu ngaso sonke isikhathi ezindaweni ezahlukene njengasemarenki amatekisi, emabhasini, eziteshini zezitimela nasemabhishi. Kuphinde kwenziwe izivimbamgwaqo kuzwelonke.

“Abashayeli bezinqola zokuthutha umphakathi mabanikezwe isikhathi sokuphumula ukuze bezokwazi ukushayela kahle emgwaqeni bengakhathele ukuze kugwemeke izingozi nifike emakhaya niphephile. Imigwaqo yaseThekwini mihle kakhulu ayikho efana nayo, iTheki malingatholi ukuphoxeka ngokuduma ngezingozi ezidlula nemiphefumulo,” kusho iMeya.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *