I-SADTU ithi kudingeka othisha abaningi ezikoleni zaseKZN

Inyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union(SADTU) ithi ukuqashwa kothisha abangu-1 530 kwakamuva KwaZulu-Natal ngeke kwenele ukuxazulula inkinga yokushoda kothisha ezikoleni.

Ngesonto eledlule uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ugcwalise izikhala zezifundo iMathematics, yi-Maths Literacy, yi-Physical and Life Sciences kanye ne-Technology.

UNomarashiya Caluza wale nyunyana uthi bayasamukela lesi senzo kodwa ziningi izifundo okumele zibekwe eqhulwini.

OLUNYE UDABA: ISADTU ithi isabelomali sase-KZN asizixazululi izinkinga ezibhekene nothisha

“ Zonke izifundo zibalulekile kubafundi abazenzayo. Uma ubheka uhlu lwezikhala ezibucayi, zizokhuluma ngezibalo nesayensi. Kuthiwani ngomfundi owenza isifundo iHistory okuyisifundo esikhulu salowo mfundi? Ngabe akubalulekile yini kumfundi – asisho esikoleni futhi asisho emnyangweni, kodwa sisho kubafundi?”

Ubona sengathi izikole zamabanga aphansi azinakwa.

“Selokhu kwathi nhlo kugxilwe ezikoleni zamabanga aphezulu ekubeni sazi kahle ukuthi ngisho nezikole zamabanga aphansi zinezikhala ezidinga ukuvalwa. Lokhu kuqashwa kothisha okwenzekile akwanele.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *