IBamba likaKhomishana Kazwelonke we-SAPS lidlulise awenduduzo

I-South African Police Service (SAPS) ibuhlungu ngokudlula emhlabeni kwamalungu amabili eTactical Response Team (TRT).

La maphoyisa womabili angene engozini yemoto eWitbank, eMpumalanga.

Kubikwa ukuthi la maphoyisa abelibangise ePitoli ngoLwesibili lwangomhlaka-5 May 2026 ebusuku eyokwwethula ubufakazi emacaleni ngaphambi kwenkantolo ngesiskhathi imoto yomsebenzi abe hambanga ngayo ilahlekelwe amabhuleki yabe isingena engozini.

OLUNYE UDABA: Sekutholwe ingxenye yengemuva ye-VW Polo yamaphoyisa emfuleni iHennops

Ngesikhathi sokushona kwawo, womabili amalungu abejutshwe njengengxenye yeManguzi Task Team eKZN, lapho ayebandakanyeke khona kakhulu ekulweni nobugebengu bobuwela imingcele.

IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa Kazwelonke i-SAPS, uLieutenant General Dimpane udlulisele amazwi enduduzo emindenini eshonelwe, abangani, kanye nozakwabo bamalungu ashonile.

“Ukuhanjelwa yila maphoyisa azinikele kangaka emsebenzini kuyinhlekelele enkulu enhlanganweni. Basebenzele izwe ngokuzinikela nangesibindi. Imicabango nemithandazo yethu ikanye nemindeni yabo kanye nabathandekayo babo ngalesi sikhathi esibuhlungu,” kusho uLieutenant General Dimpane.

I-SAPS iphinde idlulise ukuzwelana kwayo okukhulu nozakwabo bamalungu asishiye emhlabeni, ikakhulukazi labo abangaphakathi kweThimba Lomsebenzi laseManguzi, abasebenzisana nabo ekulweni nobugebengu.

Amagama abashonile azokhishwa uma wonke amalungu emndeni esebikeliwe.

Uphiko lwe-SAPS #EmployeeHealthandWellness (EHW) selijutshiwe, ukuyohlinzeka ngezinsizakalo zezengqondo emindenini nakubalingani bamalungu.