
Kushone umakhi oyedwa kwalimala abanye abane ngesikhathi kudilika isakhiwo enxanxatheleni yezitolo eThekwini endaweni yaseSpringfield Park ngoLwesibili ekuseni.
Ngokusho kukaGarrith Jamieson, we-ALS Paramedics, bathole imibiko yesigameko emningi ngezithuba zabo-11.30 ekuseni.
“Imibiko yokuqala ithi ithimba elingomakhi belisebenza lime phezu kwezinsimbi (scaffolding) ngesikhathi zibhidlikela phansi.
OLUNYE UDABA: Kusolwa ukuthi abengawazi umsebenzi amadoda ashonela emsebenzini ePhoenix
Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bafica kunesiphithiphithi njengoba bathole ukuthi abasebenzi abahlanu bebewele phansi cishe amamitha ayisithupha,” esho.
UJamieson uthe kube sekubizwa ngokushesha amanye ama-ambulensi endaweni yesigameko.
“Abantu abane abathole ukulimala balashelwe endaweni yesigameko ngabe-ALS Paramedics base bephuthunyiswa e-Ahmed Al Kadi ukuze bathole okunye ukwelashwa,” usho njalo.
UJamieson uthe amaphoyisa akhona futhi azophenya kabanzi ngokuholele kulesi sigameko.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
