Umphakathi unxuswa ukuba ukubeke eqhulwini ukugoma izilwane kulandela ukuphuma kwesidumbu ngenxa yamarabi

UMasipala weTheku usuqinise imizamo yawo yokuqwashisa ngesifo samarabi kanye nokugoma ngemuva kokuba kushone indoda eyalunywa yinja yayo endaweni yaseZimbokodweni.

Le ndoda ishone ngemuva kokulunywa yinja yayo ebingagonyiwe, okwathi ngokuhamba kwesikhathi yatshengisa izimpawu zokungenwa amarabi. Kulezi zimpawu kubalwa ulaka nokushintsha kwendlela yokuziphatha.

Ngemuva kophenyo olwenziwa yithimba leCity’s Communicable Diseases, kuvele ukuthi le ndoda yalunywa yinja ngoMarch kodwa usizo lwezempilo yaluthola sekuphele izinyanga ezimbili, igciwane selisabalele emzimbeni wayo.

OLUNYE UDABA:Ntshavheni: Uhulumeni ukuqaphe ngeso lokhozi ukubheduka kwesifo samatele

Ngeshwa le ndoda kwagcina kuyenele. Lesi sigameko sakamuva sifana nesenzeka ngonyaka odlule endaweni yaseNgonyameni, lapho kwashona khona ingane eneminyaka emithathu ubudala ngemuva kokuhlangana nenja okwakusolwa ukuthi inamarabi.

Amarabi yisifo esiyingozi kodwa esivikelekayo se-zoonotic esisabalala ngamathe ezilwane zesifazane, okubalwa; izinja, amakati, ochakide, izimbuzi nezinkomo.

Uma lezi zimpawu zibonakala ebantwini, lesi sifo sithola indawo siphethe ngokukhipha umphefumulo. Yize kunjalo, ukugomela amarabi kungakuvimbela ukutheleleka.

Izimpawu zamarabi kubantu zingabandakanya ukuphatha yikhanda, imfiva, ukudideka, nobuhlungu bemisipha, kusho isitatimende sakwaMasipala weTheku.

Noma yikuphi ukuthintana nesilwane esingase sibe negciwane lamarabi, kungenzeka kube wukulunywa, ukuklwejwa noma ukukhothwa konke lokhu kudinga usizo oluphuthumayo kanye nokuhlolwa kwezempilo.

Izilonda kufanele zigezwe kahle ngamanzi ompompi nensipho uphinde ubike ngazo esikhungweni sezempilo ngokushesha.

Uphiko lwezifo eThekwini iCommunicable Diseases Directorate lusebenzisana ngokubambisana noMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya KwaZulu-Natal ukuze kwandiswe imikhankaso yokugoma kanye nokufundisa umphakathi ezindaweni ezisengcupheni enkulu.

Umphakathi ugqugquzelwa ukuba uxhumane neHhovisi lookotela bezilwane eThekwini ku-031 328 9300 ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngemikhankaso yokugomela amarabi kanye nezindlela zokuzivikela.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)