Kuzwakale ukuthi wayedle izidakamizwa ufakazi wombuso ecaleni lezibhelu zangoJuly 2021

Ufakazi wombuso ecaleni lokubulala elenzeka ngezibhelu zangoJuly 2021 ubhekene neminye imibuzo enzima eNkantolo eNkulu yaseThekwini emayelana nezinsolo zokubona abasolwa ababili beshaya oyedwa wabasolwa ngetshe nangesando.

Amadoda amane asolwa ngokubulala uNjabulo Dlamini nokuzama ukubulala abanye ababili ngaphandle kwaseTees Tavern ePhoenix, enyakatho yeTheku.

Kuthiwa uDlamini, uNkosikhona Madlala noSandile Sambo babeyothenga utshwala obudayiswa ngokungemthetho ethaveni ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid-19.

Ufakazi osebhokisini lofakazi wayeqashwe njengomsebenzi kule thaveni ngesikhathi sesigameko.

Ukuphoswa kwakhe ngemibuzo kuqhubekile namuhla kunguLwesine, ummeli kammangalelwa uWesley Rodgers embuza ukuthi kungani ingekho imininingwane ebalulekile emayelana nesigameko inkantolo esibiza ngokuthi ukushaywa kukaDlamini okwesibili ingekho esitatimendeni sakhe sokuqala samaphoyisa.

Lo fakazi igama lakhe eligodliwe utshele inkantolo ukuthi wabona abantu abahlanu ababandakayeka esigamekweni sesibili sokushaya, okubalwa kubo umsolwla ongunombolo wesithathu nowesine, uTimothy noTyreece Govender.

Uthi ubaba nendodana bashaya uDlamini ngenduku ye-Hocky, istini nesando.

Abammeli bommangalelwa baphawule ukuthi lezizinsolo zivele esitatimendeni esenziwe kamuva.

OLUNYE UDABA: Sekuvele izinsolo zokusatshiswa kofakazi ecaleni lezibhelu zikaJuly 2021

Rodgers questioned whether the witness had been influenced by police after being shown several videos of the incident, suggesting he might be recounting what he saw on screen rather than what he witnessed firsthand.

Ummangalelwa uphawule ukuthi izinsolo zivele esitatimendeni sakhe sakamuva.

URodgers ubuze ukuthi ngabe ufakazi wayehloHlwa ngamaphoyisa yini kulandela ukubukiswa inqwaba yama-video esigameko, ephakamisa ukuthi kungenzeka ukuthi usho into ayibone kuvideo kunaleyo ayibona ngamehlo yenzeka.

Abamangalelwa baphinde babuza ukuthi kungani ufakazi eqale wahluleka ukusho ngamanye amadoda amabili angumdabu waseNdiya abengaziwa nawo okuthiwa ayeyingxenye yalesi sigameko.

Ufakazi ube esevuma ukuthi ngelanga lesigameko ekuseni wayedle izidakamizwa zohlobo lwe-whoonga kodwa wagcizelela ukuthi wayesephila saka futhi ebona konke ngesikhathi sesigameko ntambama, futhi wayekubona kahle okwenzeka.

Newswatch

ithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)