UHunt uncoma umsebenzi kaPitso Dladla kwiDurban City

Umqeqeshi omusha weDurban City, Gavin Hunt, uthi uzoqhubeka nokusebenzisana noPitso Dladla kwiCity njengoba kuzoqala isizini entsha ka 2025/26.

UHunt ungene ezitanjeni zikaSimo Dladla onyuse iqembu leCity walifaka kwiBetway Premiership njengoba beseligijima kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.

USimo Dladla ngokubambisana noPitso Dladla bakwazi ukubuyisa leliqembu kwiligi enkulu.

OLUNYE UDABA: Usethulwe njengomqeqeshi omusha weDurban City uGavin Hunt

Ukuhamba kukaSimo Dladla kwiDurban city kushiye abantu abaningi benemibuzo njengoba besekungacaci ngekusasa likaPitso Dladla ukuthi kuzokwenzakalana ngaye njengoba iqembu lilande uGavin Hunt.

Emidlalweni yeKZN Premiers Cup, uHunt uziqinisekisile izindaba zokuthi uzosebenza naye uPitso njengoba ekuvezile ukuthi kubalulekile ukusebenza nabantu bendawonye nokuyibo futhi ababaqonda kangcono abadlali bakhona.

UHunt uthi basebenze kahle benoDladla emidlalweni yeKZN Premiers Cup.

ICity izovula isizini yePremiership ngomdlalo wasekuhambeni neTs Galaxy ngomhlaka-9 August, eMbombela Stadium.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)