Isematheni indaba yokuqala kwe-VAR ku-PSL

Usihlalo wePremier Soccer league (PSL) u-Irvin Khoza, uthi ufisa isebenze maduzane iVAR kwiligi yakuleli njengoba seziningi izikhalazo ezikhona ngonompempe bakuleli yingakho kunesidingo sokuthi ilethwe kuleli.

Isikhulu esiphezulu se-SAFA u-Abdul Ebrahim ucashunwe lapho khona eveza ukuthi ingase iqale ukusetshenziswa ngesizini ezayo i-VAR emidlalweni yezinkomishi, hhayi emidlalweni yeligi.

OLUNYE UDABA: Iyaqina imibiko ngoNcikazi ozovala isikhala sikaRiveiro kweZimnyama

Ukufika kwe-VAR kuzolekelela kakhulu emidlalweni yakuleli kanti kuvela ukuthi umdlalo ngawodwana iVAR idla imali engango-R70 000 yingakho isazoqala isebenze emdlalweni yezinkomishi kuphela.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)