
UNgqongqoshe Wezempilo uDkt Aaron Motsoaledi useqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi okwamanje asikho isizathu sokukhathazeka kulandela ukwanda kwe-COVID-19 eNdiya.
UMotsoaledi ubekhuluma emhlanganweni wesine we-G20 Health Working Group eGoli, eGauteng.
Umhlangano wesonto lonke ohlanganisa abaholi bezempilo, ochwepheshe kanye nezinye izinhlaka emhlabeni wonke jikelele kulindeleke ukuthi ugxile, phakathi kokunye okuningi, ukulungela ukuvimbela ubhubhane, okungenye yezinto ezinhlanu eziza kuqala ze-G20 Health Working Group.
OLUNYE UDABA: Sekubikwe ngohlobo olusha lweCovid-19 emazweni angu-22
Nakuba sebekhona abantu abatholwe bene-COVID-19 eNdiya, uMotsoaledi uxwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathathe izinyathelo zokuphepha.
“Esikushoyo nje ukuthi lokhu sikuqaphile futhi uma kukhona okumele kwenziwe sizowazisa umphakathi. Kepha okwamanje, qhubekani nokugeza izandla zezu, uvale umlomo wakho uma ukhwehlela, uhlale ekhaya uphinde ugqoke isifonyo uma ucabanga ukuthi uwutholile umkhuhlane. Yilokho kuphela okudingeka kwenziwe okwamanje.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
