IYAVUTHWA INDLELA KATHEMBINKOSI LORCH KWI CHIEFS

Umdlali odume kakhulu eqenjini le Orlando Pirates Thembinkosi Lorch osegijima Kwi Mamelodi Sundowns njengamanje kuvela ukuthi basezingoxoxweni ezijulile neqembu le Kaizer Chiefs, Lorch ufike ngonyaka odlule ngo January kwi Mamelodi Sundowns kodwa isikimu usizwa ngendaba ngenxa yokushuba kombango wejezi kwiMamelodi Sundowns.

Abahlaziyi abaningi sebekuveze obala ukuthi kungaba ithuba elihle kuyena Lorch uma engalishiya iqembu le Mamelodi Sundowns, uma lezizivumelwano zigcine zihambe kahle lokhu kuzojabulisa abalandeli baMakhosi njengoba leliqembu lilwela ukuthi kuphele isizini linesicoco ekhabetheni, njengoba iwindi lisavuliwe lokusayinisa abadlali kubhekiwe ukuthi IKaizer Chiefs igcine imtholile lomdlalo.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)