
Iphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi usezwakalise ukuthi uJose Riveiro ungumqeqeshi ohluke kakhulu nozimiselayo ngento asuke eyenza.
“Uphinde wathi uRiveiro ungumuntu oxhumana kalula nabadlali ngendlela efanele, aphinde abe ngumholi owaziyo ukuthi abadlali yini abayidingayo, kungakhathalekile ukuthi bayawina noma bayadliwa uhlezi eyinto eyodwa, ” kusho uNcikazi.
UNcikazi ukhulume kanje osukwini lwayizolo esithangamini sabezindaba eMhlanga ngesikhathi kuqhubeka amalungiselelo omdlalo omkhulu weNedbank Cup ozodlalwa ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium ngo-15:30 phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
OLUNYE UDABA: Sekusele imizuzu kudayiswe amathikithi eNedbank Cup
UJose Rivero kubhekwe ukuthi avalelise ngendebe yeNedbank Cup kubalandeli bezimnyama njengoba efika ngo-2022 kuleli qembu kanti uzobe eseshiya uma sekusongwa isizini yakulo nyaka.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mqeqeshi usesithathe kabili isicoco seNedbank Cup waphinde wathatha izicoco zeMtn 8 kathathu.
Ngokusho kukaNcikazi uyakuveza ukuthi umsebenzi wonke ububa lula kakhulu njengoba bebambisene ngokuthula nangokuzwana benoRiveiro yingakho bezimisele ngokuthi bejabulise abalandeli be-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu olindwe ngabomvu.
– Andile Andizo Mthembu
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
