
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs uDillan Solomons, uthi babheke ukuwunqoba kumnyama kubomvu umdlalo wabo wokugcina weBetway Premiership njengoba bezotholana phezulu nePolokwane City eFNB Stadium ngo-15:00.
USolomon, uthi umqeqeshi ubadonse ngendlebe ngokubaluleka kwalo mdlalo njengoba iChiefs ilwela ukuthi ingene kwiTop 8 kwazise ngesizini edlule yahluleka yancama emdlalweni wokugcina iChiefs ewudlalile badlale ngokulingana neSekhukhune United nokwenze kwanzima kakhulu ukuthi bezibekisele indawo kwitop 8.
OLUNYE UDABA: UNabi usanethemba nge-Top 8
Umdlalo wabo wokugcina uzobanikeza ithuba lokugcina lokuthi bengene kwiTop 8 nokudingeka ukuthi bewathole amaphuzu amathathu.
Ngokusho kuka Solomons uyakucacisa ukuthi lo mdlalo angeke uze ubelula kubona kodwa unethemba elikhulu ukuthi bazowunqoba ukujabulisa abalandeli baMakhosi njengoba leli qembu lisanda kuthatha isicoco seNedbank Cup emasontweni adlule.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

**mitolyn official**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.