UNabi usanethemba nge-Top 8

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasredine Nabi, uthi usanethemba elikhulu lokufaka ezakhe kuTop 8 njengoba sebesalelwe umdlalo owodwa weligi nalapho bezobhekana khona nePolokwane City eFnb Stadium ngezithuba zabo-15:00 ngoMgqibelo ntambama.

UNabi ukusho lokhu ngemuva kokuthi iChiefs idlale ngokulingana neSekhukhune United.

UNabi uthi into emqinisa idolo kakhulu ukuthi bazobe sebebuyile abadlali bakhe abanye babo ebebedonsa izigwebo zamakhadi.

OLUNYE UDABA: Jessica Motaung: Akayi ndawo uNabi kwiChiefs

Njengamanje iChiefs ihlezi kunombolo-9 ngemuva kwemidlalo engu-27, isinqobe imidlalo ewu-8, yadlala ngokulingana ewu-7, yadliwa kwewu-12.

Kumnyama kubomvu Amakhosi kubalulekile ukuthola amaphuzu aphelele egcwele kwiPolokwane City, uma kungenzeki lokho kuzobe kungokwesibili kulandelana amasizini iChiefs iphuthwa ukungena kwiTop 8.

Izikhulu eziphezulu kwiChiefs kuvela ukuthi zimnqumele ugwayi katiki lo mqeqeshi njengoba kuthiwa kufanele elifake leli qembu kuTop 8 ukuze aqhubeke kodwa uma ehluleka impela engase ekhonjwe indlela.

Ezinye izikhulu kuthiwa zisakholelwa ebuholini bukaNabi njengoba esanda kuqopha umlando, uNabi ngokuthathela leli qembu inkomishi yeNedbank Cup kwazise besekuphele iminyaka eyishumi iChiefs yagcina ukuqhukula indebe.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *