
Umqondisi eqenjini leKaizer Chiefs uJessica Motaung usecacise amahlebezi asesabalele okuthi uNasredine Nabi engase ahambe kuMakhosi uma kuphela isizini njengoba okuningi engakwazanga ukukugcina eqenjini njengezivumelwano azenza ngesikhathi enikezwa umsebenzi wokuhola Amakhosi.
UNabi usanda kuqopha umlando efaka isicoco seNedbank Cup kwiKaizer Chiefs ishaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium kanti iChiefs isicoco yasigcina ngonyaka ka- 2015.
OLUNYE UDABA: Umunyu kubadlali kuvaleliswa uRiveiro kwiPirates
UJessica ekhuluma ohlelweni lukamabonakude uveze ukuthi basajabule ngoNabi futhi basazohlala phansi bebheke isizini yonke ukuthi ihambe kanjani kodwa ubuholi bakhe basabuthemba eqenjini.
UNabi eNaturena usehlalelwe umsebenzi wokufaka iChiefs kwiTop 8 ukuze eqinisekise ukuthi indawo yakhe iphephile kuMakhosi.
Njengamanje iChiefs isalelwe imidlalo emibili yeligi njengoba isizodlala neSekhukhune nePolokwane city.
Kuningi okubhekwe ngalo mqeqeshi, uma kuphela isizini kodwa sekubukeka emancane amathuba okuhamba kukaNabi njengoba abanye abalandeli beChiefs nabo sebekuvezile ukuthi akanikezwe ithuba kodwa eqinisekise ukuthi ufaka le kilabhu kwiTop 8.
Andile “Andizo” Mthembu
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
