
Kubonakale kube yisizini esezingeni eliphezulu le kumaqembu ala KwaZulu-Natal agijima kwiBetway Premiership kanjalo nakwiMotsepe Championship.
Kuqopheke umlando Amazulu fc kanye neRichard’s Bay eqeda kwiTop 8 kulesizini.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini ephelile ebengabonwa amaqembu ala esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Amazulu fc agcine elele endaweni yesithupha kwiligi, kwathi iRichard’s Bay yona yalala endaweni yesishiyagalolunye.
OLUNYE UDABA: Kuhlukene imibono ngendebe entsha yeBetway Premiership
Umngqigqo nokuzinikela kwabadlali kanjalo nabaqeqeshi, Amazulu fc acijwa ngu-Arthur Zwane kubonakala enze kahle kakhulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uZwane uthathe umsebenzi wokucija Amazulu kanye noVilakazi kodwa kuthe isizini isiphakathi uVilakazi wamshiya.
Ngasohlangothini lweRichard’s Bay uRonnie Gabriel kubonakale naye esebenzile kwiRich Boyz njengoba ezakhe emidlalweni yakamuva bezidonsa kanzima kodwa yagcina ikwazile ukuthola indawo kuTop 8.
Khonamanjalo iDurban City ikwazile ukusebenza kahle kulesizini njengoba kwibona abaqede beqwakele kwiligi yeMotsepe Foundation Championship.
Adinga ukushayelwa elikhulu ihlombe amaqembu aKwazulu-Natal asebenzile kanti nabalandeli bayadinga ukubongwa ngokuseka la maqembu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
