
Sibhekwe ngabomvu isinqumo seKaizer Chiefs ngomqeqeshi wabo uNasredine Nabi ngekusasa lakhe ephefeni.
Izindaba ezivelayo ukuthi kuzoba nomhlangano omkhulu lapho khona uNabi kufanele ethule umbiko wonke mayelana nesizini ka-2024/25 mase ngemuva kwalokho kunqunywa ngekusasa lakhe.
Amakhosi abhacazile ngesikhathi ehluleka ukushaya iPolokwane City emdlalweni wabo wokugcina weBetway Premiership njengoba bedlale ngokulingana kanti iChiefs ibidinga amaphuzu amathathu agcwele kulo mdlalo.
OLUNYE UDABA: Kuyaphela okuhlanganisa uGeorge Matlou neChiefs
UNabi kwisizini yakhe ekwiChiefs ukwazile ukuthatha isicoco seNedbank Cup eshaya omkhaya i-Orlando Pirates.
Kulindeleke ukuthi kucace ngalo mqeqeshi kanti abalandeli beChiefs bahlukene phakathi nabo ngodaba lukaNabi abanye bathi akanikezwe elinye ithuba, abanye bathi akayibone indlela afika ngayo lo mqeqeshi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
