IRichards’s Bay FC icacisa ngekusasa labaqeqeshi balo

Ikilabhu yaKwazulu-Natal iRichard’s Bay fc isiphumele obala ngokuthi isazobagcina abaqeqeshi bayo okunguRonnie Gabriel, uPapi Zothwane noSboniso Gumede.

IBay ikhiphe isitatimende osukwini lwanamuhla ngemuva kokusabalala kwezindaba ezithi leli qembu lithungatha umqeqeshi omusha.

IBay kule sizini izinto azihambanga kahle kodwa likwazile ukuvika izembe ngemizuzu yokugcina njengoba emdlalweni wabo nabakhaya babo okuyiGolden Arrows bakwazile ukuthi bethole iphuzu elibasindisa ezembeni.

OLUNYE UDABA: Kuqhume imikikizo iPSL ichitha icala ebelibekwe iDurban City

Umdlalo wabo wokugcina bazotholana neSupersport united.

Khonamanjalo, iyaqina imibiko ethi ngesizini ezayo iRichard’s Bay izobuyela eMhlathuze njengoba ibisebenzisa inkundla yaseMlazi, iKing Zwelithini Stadium emdlalweni yayo yeligi.

Lokhu kungase kube izindaba ezimnandi kubalandeli beBay, ukuzibonela iqembu labo lidlala ekhaya nokuyinto ezothuthukisa umnotho waseBay.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *