
Idolobha laseThekwini lingelinye lamadolobha asembangweni wokusingatha umdlalo omkhulu wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa yango-2026 ezogijinywa yiBafana Bafana neNigeria ekuqaleni kuka September eMoses Mabhida Stadium.
Ngokwemibiko iveza ukuthi iSafa isabamba iyayeka ukuletha lo mdlalo eThekwini.
Kuzokhumbuleka ukuthi iTheku lisanda kusingatha umdlalo omkhulu wamanqamu weNedbank Cup obuphakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
OLUNYE UDABA: Qhude manikiniki zindala zombilo, ubani ozoba umpetha omusha weNedbank Cup
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli iSafa, kuthiwa isaxoxisana noMasipala waseThekwini kanye nezinye izinhlaka ezithintekayo.
Ngokusho kukaMengameli weSafa, uDanny Jordaan, uthi bazonikeza bonke oMasipala ithuba lokufaka izicelo ngaphambi kokuthatha isinqumo.
Kubhekekile ukuthi ngabe isiphi isifundazwe esizogcina sisingathe lo mdlalo omkhulu kangaka wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoba ngo-2026.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
