Ukubiza kwamathikithi eNedbank Cup kuphakamise imibuzo

IPremier Soccer League (PSL) osukwini lwayizolo iqinisekise ukuthi osukwini lwangoMsombuluko kuzodayisa amathikithi omdlalo wamanqamu ophakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, eMoses Mabhida Stadium.

Amathikithi alo mdlalo azobiza uR150 umuntu ngamunye kanti futhi umuntu ngamunye akavumelekile ukuthenga amathikithi angaphezu kwamane.

Amathikithi azotholakala eShoprite naseCheckers.

OLUNYE UDABA: IPirates ithole isibhaxu ngaphambi komdlalo womkhaya

Sekuqubuke omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bebhola bekhala ngokuthi kungani amathikithi alo mdlalo engabizanga imali engu-R100 njengoba isikhathi esiningi inani lemali elidayisa amathikithi ake eqale ku-R80 noma kube uR100 ngqo.

Abantu bakhala ngokuthi iPSL ihambisa phambili imali kodwa kuyazeka ukuthi iningi labalandeli bebhola alithathi entweni kodwa banothando olukhulu lwebhola.

Kuyaqala ukuthi amathikithi eNedbank cup abize uR150.

Ziningi izinkulumo ezikhona ngokubiza kwamathikithi.

Umdlalo womkhaya uzoqala ngezithuba zabo-15:30 ntambama ngomhlaka-10 May 2025.

– Andile Andizo Mthembu

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *