
Umqeqeshi weRichards Bay, uRonnie Gabriel, umile kwelokuthi uhlabeke umxhwele ngendlela abadlali bakhe abaphumelele ngayo ukunqoba iSiwelele koweNedbank Cup emzuliswaneni wesi-32 eDr Petrus Molemela Stadium ngeSonto.
Leli qembu laKwaZulu-Natal lingenelwe kuqala ngesikhathi uGrant Margerman evulela iSiwelele igoli lokuqala esiwombeni sokuqala kodwa uSbangani Zulu washaya elokulinganisa ngesiwombe sesibili, uLundi Mahala oshaye into ecokeme wathola amagoli eRichards Bay.
OLUNYE UDABA: IDolobha likulungele ukusingatha imidlalo yeCarling Black Label Cup
Akuphelanga sikhathi esingakanani umkhonto wagwaza ekhaya ngesikhathi u-Thabani Zuke eshaye igoli epalini langakubo kwiRichards Bay. uSiphelele Luthuli wathola elesithathu esikhathini esengeziwe leSiwelele, lokho kusho ukulingana kwamagoli okuholele ukuthi baye kumaphenathi.
UGabriel uthi ukunqoba kumaphenathi kukhombisa ukuthi iqembu lakhe belikulambele kangakananai ukunqoba eBloemfontein.
