UMnqithi uthi iGolden Arrows angeke iye ehlathini

Umqeqeshi weGolden Arrows uManqoba Mnqithi useqinise idolo abalandeli be-Arrows ukuthi angeke lize liye ehlathini njengoba kubonakala imiphumela emihle ingaqhamuki.

UMnqithi ukusho lokho ngemuva kokuthi ezakhe zithole isibhaxu samagoli amathathu ngoLwesibili beshaywa yi-Orlando Pirates.

OLUNYE UDABA: Zimbi izinto kuManqoba Mnqithi kwiGolden Arrows

UMnqithi uyasho ukuthi ezakhe zahluleka ukumelana nengcindezi yePirates kodwa unethemba elikhulu osukwini lwakusasa ukuthi ezakhe zizokwenza kangcono uma sezitholene phezulu nomkhaya babo iRichard’s Bay, eKing Zwelithini Stadium ngo-15:00.

Abafana besthende njengamanje bahlezi kunombolo-14 kwiligi yeBetway Premiership kanti iqembu elisemsileni iCape Town City.

Lo mqeqeshi esephethe uthe abafana bakhe, uzozama ukuthi elisuse la elihlezi khona njengamanje elibeke kwenye indawo.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *