Uzobe uphethwe ngowesifazane umdlalo wesibili weBafana kwiNdebe yoMhlaba

Kuzoqopheka umlando kwiNdebe yoMhlaba kumdlalo wesibili weBafana Bafana ne-Czechia njengoba unompempe ozobe ephethe lo mdlalo kuzobe kungu-Tori Penso wase-America.

UPenso usenesikhathi eside ebambe lo msebenzi njengoba ephinde wathola ithuba lokuthi kube nguyena ozobamba umdlalo weBafana Bafana ne-Czechia ngoLwesine ntambama.

OLUNYE UDABA: I-Tunisia ixoshe umqeqeshi wayo oshaywe kwiNdebe yoMhlaba

Lo nondweba ugile izimanga kumdlalo weNdebe yoMhlaba ngo-2023 lapho khona wadlalisa ingcwenga yebhola emdlalweni wamanqamu.

Lo mdlalo ka-Group A ozobanjelwa eMercedes-Benz Stadium e-Atlanta ngoLwesine, ubaluleke kakhulu kwiBafana Bafana.