Amaphoyisa adubule abulala abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali eKZN

Kudutshulwe kwabulawa abantu ababili okusolwa ukuthi bebebamba inkunzi imoto yemali ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eWasbank, ngaseLadysmith ngoLwesine ntambama, ngomhlaka-22 May 2025.

Amaphoyisa abelandela ezobunhloli mayelana nokuthi bakuphi abasolwa abebefunelwa izigameko eziyisithupha zokubamba inkunzi imoto yemali ezenzeke KwaDukuza, Verulam, Nyoni, Greytown, Phoenix naseLangslaagte phakathi kukaJune 2022 noMarch 2025.

Amaphoyisa ahlonze umuzi abasolwa abebecashe kuwo okuthe uma befika sebezethula, abasolwa badubula bebhekise emaphoyiseni kwabe sekuqhuma inganono.

OLUNYE UDABA: Uphinde waboshwa obeqe esitokisini ngawokudlwengula

Abasolwa ababili badutshulwe bashona ngesikhathi kudutshulwana kanti omunye wabasolwa, oneminyaka engu-43 ubudala, unencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ngokutholakala neziqhumane nezinhlamvu.

Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa kutholwe izibhamu ezimbili kubasolwa. Alikho nelilodwa iphoyisa elilimale ngesikhathi sokudubulana.

IZITHOMBE:

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *