
Amaphoyisa aseMariannhill aphinde abophe indoda eneminyaka engu-28 ubudala esolwa ngecala lokudlwengula eyeqa esitokisini samaphoyisa eMariannhill ngoMsombuluko, ngemuva kokuboshwa kwayo ekuseni.
Amaphoyisa athungathe umsolwa ngokungakhathali amthola ehostela eMbilo ngoLwesine lwangomhlaka-22 May 2025 ekuseni.
OLUNYE UDABA: Odilikajele abane obedlwengula izingane zabafana ePMB
Ngowesitatimende samaphoyisa, Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown namuhla, ngoLwesine, 22 May 2025 ngecala lokweqa esitokisini esisemthethweni. Uzobe esedluliselwa Ekhombe lapho ezobhekana khona namacala amaningi okudlwengulwa okusolwa ukuthi ubehlasela abafundi abahlala emakotishi esikole eNkandla.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
