Ayanyuka amanani kagesi maduze

Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zizongena zizinze emaphakatheni ngenxa yokukhuphuka kwamanani kagesi kusukela ngomhlaka-1 April 2025.

Lokhu ngemuva kokuba inkampani ehlinzeka ngogesi i-Eskom igunyaze ukunyuka kwagesi ngamaphesentu angu-12.74.

OLUNYE UDABA:Sesiphumile isinqumo sokunyuswa kwamanani kagesi

Omasipala ezweni lonke bafaka izicelo zokukhushulwa amanani okwengeziwe ukuze bahlangabezane nezindleko zokusabalalisa amandla kagesi.

Ngenxa yalokhu, izikweletu zikagesi zikhuphuka kakhulu.

Ukulungiswa kwentela yakwa-Eskom, okugunyazwe yiNational Energy Regulator of South Africa (Nersa), kuza phakathi kokukhathazeka okukhulayo mayelana nokutholakala kukagesi.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEdit