Kuboshwe abangu-7 ngawokubulala nokudlwengula e-E Cape

Isihluku esenzeke endaweni yase-Eastern Cape eTsomo siphume nomphefumulo womnikazi wesitolo oneminyaka engu-45 ubudala.

Umnikazi wesitolo kubikwa ukuthi wabhunyelwa ngodizili wokhelwa ngomlilo yizigebengu ebezihlomile, kwathi umsizi wakhe wadlwengulwa.

Kuthe emahoreni ambalwa amaphoyisa ayesebatholile abasolwa ababandakanyeka kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA: ‘Izigebengu’ ezimbili zase-KZN zizovela enkantolo namuhla

Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kwengu-24 nengu-36, kanti babhekene namacala amaningi, okubalwa kuwo ukugebenga, ukushisa, ukubulala, ukuthumba nokudlwengula.

Isigameko senzeke ezintatha ngoMsombuluko ngomhlaka-17 March 2025 esitolo eLuthuli Administration Area, eNtilini Locality.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Yolisa Mgolodela uthe umnikazi wesitolo nomsizi wakhe ongusheshi bebelele ngesikhathi abasolwa bengena ngenkani.

“Ngesikhathi bengena esitolo kuthiwa babophe umnikazi wesitolo oneminyaka engu-45 ubudala izandla, bamthela ngodizili bamshisa,” kusho uMgolodela.

OLUNYE UDABA: Iyeza maduze: Isikhwama sokusiza abantu ukuthi bakhokhe ibheyili

Abasolwa babe sebedlwengula umsizi wesitolo, bantshontsha igilosa, bamphoqa ukuthi akhiphe i-PIN ukuze bezozithumela imali ngeselula yebhizinisi.

“Ngemuva kokuzwa amazwi amalungu omphakathi kuthiwa abasolwa baqale bashisa isitolo base bebaleka ngezinyawo, bahamba nesisulu esingowesifazane baya naye emzini oseTsomo lapho okuyilapho atholwe khona wabe esephuthunyiswa esibhedlela eyotholwa ukwelashwa,” kusho uMgolodela.

Kubikwa ukuthi umnikazi wesitolo kugcine kumenele esibhedlela eButterworth.

Kushayelwe amaphoyisa ihlombe ngokubopha abasolwa abayisikhombisa ngokushesha kanti owesishiyagalombili usagcwele amathafa.

UMajor Geneal Rudolph Adolph onguKhomishana wamaphoyisa esifundeni usigxekile lesi sigameko, wanxusa amaphoyisa ukuba enze isiqiniseko ukuthi umsolwa wokugcina uyaboshwa.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *