
Kuhlengwe umfundisi waseMelika uJosh Sullivan, 45, ethunjwa yizigebengu ebeziphethe izibhamu enkonzweni eMotherwell e-Eastern Cape ngesonto eledlule.
Ngokusho kwamaphoyisa ophiko loKlebe i-Directorate for Priority Crimes Investigation uSullivan ubegcinwe endaweni ephephile KwaMagxaki, eGqeberha.
OLUNYE UDABA: “Ngisiza abantu abahlwempu, yingakho ngiyisigwili”
Okhulumela oKlebe uLieutenant Colonel u-Avele Fumba uthe ngoLwesibili kwenziwe umkhankaso wobunhloli.
“Ngesikhathi amaphoyisa esondela kulo muzi, abone imoto emagcekeni. Abasolwa bengaphakathi emotweni ngesikhathi bebona abomthetho bazama ukubaleka base bevulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.”
UFuma uthe amaphoyisa aziphindiselele kwashona abasolwa abathathu.
Isisulu sitholwe ngaphakathi emotweni yabasolwa abebeqale kuyo ukuhlasela.
Ngenhlanhla isisulu sitholwe singenayomcu kanti abezimo eziphuthumayo bahlole lo mfundisi kanti njengamanje usesimeni esikahle kakhulu.
Ngokwe-Website uSullivan ufike eNingizimu Afrika nomndeni wakhe besuka eTennessee ngoNovember 2018.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)EditEditEdit
